情景朗誦《神真實的愛》神的審判就是神的拯救

Thank God for His Salvation “Uthando Lweqiniso LukaNkulunkulu” (zulu christian music)


Uthando Lweqiniso LukaNkulunkulu

I
Ngimi phambi kukaNkulunkulu futhi namhlanje.
Inhliziyo yami inokuningi engingakusho 
uma ngibona ubuso Bakhe obuhle.
Ngishiye umlando wami wokuduka ngemuva.
Izwi Lakhe lingigcwalisa ngenjabulo 
nokuthakasa okuvela emseni Wakhe.
Amazwi kaNkulunkulu athambile lawa anginisela futhi
angondle ukuze ngikhule.
Amazwi Akhe aqinile lawa angikhuthaza ukuba ngisukume futhi.
Nkulunkulu, siyakuhlabelelela namhlanje 
ngenxa yezibusiso Zakho.
Sikunika udumo namhlanje ngoba usiphakamisile.
Nkulunkulu weqiniso Onamandla osithandile!
Siyakuthanda! O Nkulunkulu! Ngeqiniso!

Ngifuna ukujabula ezwini lakho izinsuku zami zonke.
Ngibheka Kuwe, Nkulunkulu wami, 
ukuze ngithole ukukhanya kohambo nohambo.
Uyanisela wondle abantu Bakho othandweni.
Usiholela kude kwethonya lokudukiswa udeveli.
Amazwi kaNkulunkulu athambile lawa anginisela futhi
angondle ukuze ngikhule.
Amazwi Akhe aqinile lawa angikhuthaza ukuba ngisukume futhi.
Nkulunkulu, siyakuhlabelelela namhlanje 
ngenxa yezibusiso Zakho.
Sikunika udumo namhlanje ngokuba usiphakamisile.
Nkulunkulu weqiniso Somandla osithandile!
Siyakuthanda! Nkulunkulu! Ngeqiniso!

II
Bafowethu nodadewethu! Asiphakame sidumise!
Jabulelani lo mzuzu esiwuchitha ndawonye.
Sikhululiwe emaketangeni emithwalo yenyama,
Ake sikhombise uthando lwethu kuNkulunkulu ngezenzo eziyizo,
siphelelise umsebenzi wethu ngenhliziyo nangamandla.
Siyakuthanda, Nkulunkulu Somandla! Asisoze sakushiya!
Amazwi kaNkulunkulu athambile lawa anginisela futhi
angondle ukuze ngikhule.
Amazwi Akhe aqinile lawa angikhuthaza ukuba ngisukume futhi.
Nkulunkulu, siyakuhlabelelela namhlanje 
ngenxa yezibusiso Zakho.
SiKunikeza udumo namhlanje.

III
Amazwi kaNkulunkulu athambile lawa anginisela 
futhi angondle ukuze ngikhule.
Amazwi Akhe aqinile lawa angikhuthaza ukuba ngisukume futhi.
Nkulunkulu, siyakuhlabelelela namhlanje 
ngenxa yezibusiso Zakho.
Sikunika udumo namhlanje ngokuba usiphakamisile.
Nkulunkulu weqiniso Somandla osithandile!
Siyakuthanda! O Nkulunkulu! Ngeqiniso!
Ngokuba Usiphakamisile.
Nkulunkulu weqiniso Somandla osithandile!
Siyakuthanda! O Nkulunkulu! Ngeqiniso!

Khetha kulokhu: Landela iWundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha

Unyazi LwaseMpumalanga, IBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe, nakanjani alisungulwanga umuntu. Namuhla, amazwi kaNkulunkulu uSomandla, amavidiyo evangeli,amahubo endumiso nokunye sekusabalele umhlaba wonke kwinethiwekhi. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile!

Isitatimende esikhethekile: Ukukhiqizwa kwalevidiyo kwenziwe njengesiqephu esingangesi nzuzo seBandla likaNkulunkulu uSomandla. Abalingisi abavela kulomukhiqizo basebenza ngaphansi kohlelo lokungenisa inzuzo, kanti futhi abakhokhelwanga noma ingayiphi indlela. Le vidiyo akumele isakazelwe inzuzo kunoma iyiphi inhlangano yyesithathu, futhi siyathemba ukuthi wonke umuntu uzokwabela abanye ayisakaze ngokuvulelekile. Uma uyisakaza, sicela udalule umthombo wayo. Ngaphandle kwemvume yeBandla likaNkulunkulu uSomandla, akukho nhlangano, namaqembu omphakathi noma umuntu ongalimaza noma ashitshe okuqukethwe kule vidiyo.

E-mail: contact.zu@kingdomsalvation.org
inombolo: +33-62-95-66-925"
类别
公益与社会活动
许可
标准YouTube许可

留言